Mamba Emnyama
Wogawul’ubheke kulomahlahla
Wogawul’ubheke kulomahlahla
Ngoba kuthiwa kukhon’imamb’emnyama uMashay’ashumpule

Uma engavuka lapho iyoqed’abantu
Ngibon’uhamba ungath’ulele umbeth’ingub’emini

Kusho mina ngihamba neyifunda ngeyifunda

Yimi umzimb’obaba njengenyoka
Oh ngipheth’ulundi (Ulundi emahlabathini)

Oh ngisho phans’eNkandla (Inkandla emahlath’amnyama)
Thina siphuma le kwantaba zikhal’amanzi
Zola, Emndeni eSoweto
Thina siphuma le kwantaba zikhal’amanzi
Zola, Emndeni eSoweto
Wogawul’ubheke kulomahlahla
Wogawul’ubheke kulomahlahla
Ngoba kuthiwa kukhon’imamb’emnyama uMashay’ashumpule
Ngoba kuthiwa kukhon’imamb’emnyama uMashay’ashumpule
Uma ingavuka lapho iyoqed’abantu
Ngibon’uhamba ungath’ulele umbeth’ingub’emini
Ngibon’uhamba ungath’ulele umbeth’ingub’emini
Kusho mina ngihamba neyifunda ngeyifunda
Kusho mina ngihamba neyifunda ngeyifunda
Ngihamba neyinsizwa ngihamba neyifunda ngeyifunda
Kusho mina ngihamba neyifunda ngeyifunda
Yimi umzimb’obaba njengenyoka
Wogawul’ubheke kulomahlahla
Uma uhamb’unyofoza nje
Ngath’uval’amehlo
Awuphethen’nasisila njengob’unyathela
Uma uhamb’unyofoza nje
Ngath’uval’amehlo
Awuphethen’nasisila njengob’unyathela (Uyokhothana uma evuka lapho)

Ayinamsila leMamba emnyama
Okush’ukuthi umakad’ebonelela
Ubhayiziswa yilab’abakuhlohlayo
Ayinamsila leMamba emnyama
Umbeth’ingubo emini
Okush’ukuthi umakad’ebonelela
Uyimfika nkani uyidela kufa lamahala
Ayinamsila leMamba emnyama
Ngikhalel’abazali bakho
Okush’ukuthi umakad’ebonelela