Mngane Wami

Mngane wami
Wenza ngathi uyangithanda.
Weh mngane wami
Wenza ngathi uyangithanda
Mngane wami
Wenza ngathi uyangithanda

Awungitsheli ngani uma ngikonile?
Awungitsheli ngani uma ngikuphoxile?
Awungitsheli ngani uma ngikuphoxile?

Uhamba ungihleba
Utshel'abantu ngami
Uhamba ungihleba
Ungidla izithende

Uyazi ukuthi ngeke uz'uphumelele?
Ngalesenzo osenza kimi (UNkulunkulu ukubhekile)
Angekhe uz'uphumelele
Ngalesenzo osenza kimi.

Uzozisola ngalesenz'osenza kimi
Uzozisola ngalesenz'osenza kimi
Ngithi uzozisola ngalesenz'osenza kimi

Kodwa mngane wami
Wenza ngathi uyangithanda
Yini mngane wami?
Wenza ngathi uyangithanda

Uma ngisithela ukhuluma kabi ngegama lami
Uma ngisithela ukhuluma kabi ngegama lami
Uma ngisithela ukhuluma kabi ngegama lami

Uzozisola ngesenz'osenza kimi
Uzozisola ngesenz'osenza kimi

Músicas más populares de Stimela

Otros artistas de African music