Amacala

Uma ngivuka, ngivukel'amacala
Uma ngilala, ikhanda seliyaduma
Noma ngiphupha sengiphuph'amacala
Maye maye
Lengan'ingenzani na

Um'ingalimazanga muntu, intshontsh'imoto
Um'ingagqekezanga, ikhuthuz'abantu
Madoda ngicel'usizo, ngiboniseni
Lengan'ifuze bani na

UMnumzan'uDube bekalan'izolo
Namhlanje bekufike abakwaSidlodlo
Bonke labo bantu bafuna wena
Futhi ngamacala ahlukahlukeni

UMnumzan'uDube bekalan'izolo
Namhlanje bekufike abakwaSidlodlo
Bonke labo bantu bafuna wena
Futhi ngamacala ahlukahlukeni

Uma ngivuka, ngivukel'amacala
Uma ngilala, ikhanda seliyaduma
Noma ngiphupha sengiphuph'amacala
Maye maye
Lengan'ingenzani na

Um'ingalimazanga muntu, intshontsh'imoto
Um'ingagqekezanga, ikhuthuz'abantu
Madoda ngicel'usizo, ngiboniseni
Lengan'ifuze bani na

UMnumzan'uDube bekalan'izolo
Namhlanje bekufike abakwaSidlodlo
Bonke labo bantu bafuna wena
Futhi ngamacala ahlukahlukeni

UMnumzan'uDube bekalan'izolo
Namhlanje bekufike abakwaSidlodlo
Bonke labo bantu bafuna wena
Futhi ngamacala ahlukahlukeni

UMnumzan'uDube bekalan'izolo
Namhlanje bekufike abakwaSidlodlo

Curiosidades sobre la música Amacala del Steve Kekana

¿Cuándo fue lanzada la canción “Amacala” por Steve Kekana?
La canción Amacala fue lanzada en 1984, en el álbum “Yinhle Lento”.

Músicas más populares de Steve Kekana

Otros artistas de Soft rock