Umthwalo
Lalela lalela
Hayi uyasind'umthwalo wam
Impela linzima ijoka lami
Woza ngapha ungiphumuze
Mamela mamela
Hayi uyasind'umthwalo wami
Impela linzima ijoka lami
Iza ungiphumuze
Uyoba yini wena
Ungabazi ubunzima bempilo
Mhla ukuhlwa kufika
Uyokhala ungashaywanga
Uyokhala ngo mama
Ukhale ngo baba
Kanti bonke abazi lutho
Phila nje wena bhekana nenkinga
Uthi uyamemeza ilizwe likuguqukele
Uyamemeza ucela bakulekelele
Bakufulathele bonke babheke le
Kwenzakalani kwelakithi
Nhlupheko yomuntu
Abaugqik'iqakala
Kunzima nokhala
Uyomangala kuba
Lalela lalela
Hayi uyasind'umthwalo wam
Impela linzima ijoka lami
Woza ngapha ungiphumuze
Mamela mamela
Hayi uyasind'umthwalo wami
Impela linzima ijoka lami
Iza ungiphumuze
Shwele shwele ngiyakhala
Ngemizamo yam engaphumelelanga
Ngiya nkqonkqoza iminyango iyavalwa
Mangimemeza kuyosabela bani na
Ibuhlungu inhliziyo yami
Nasebusuku ayisalali
Ngiyayizam'impilo akulungi
Ngiphatheke kabi ngiyalila
Kunzima nokuleth'isinkwa ekhaya
Maphupha ayashabalala
Phelelwe ngamandla
Phelelwe lithemba
Lalela lalela
Hayi uyasind'umthwalo wam
Impela linzima ijoka lami
Woza ngapha ungiphumuze
Mamela mamela
Hayi uyasind'umthwalo wami
Impela linzima ijoka lami
Iza ungiphumuze
Lalela lalela
Hayi uyasind'umthwalo wam
Impela linzima ijoka lami
Woza ngapha ungiphumuze
Mamela mamela
Hayi uyasind'umthwalo wami
Impela linzima ijoka lami
Iza ungiphumuze